U-BIG ZULU NEPHUPHO LOKUYA EMABHIDA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ISILOMO somculi weHip Hop uBig Zulu sisezinhlelweni zokuthuthela umqhudelwano webhola lapho okudlala osaziwayo baKwaZulu-Natal, ukuthi, ufudukele ezinkundleni zemidlalo eMoses Mabhida Stadium.
Le midlalo ivamise ukuba nesasasa kwazise kudlala abaculi bakamaskandi, abacula i-gospel nabashaya isigqi seHip Hop. Ukukhula kwale midlalo kufakazelwe ukuthi ngonyaka odlule usakazwe bukhoma kwa-SABC 1. Nokho akuhambanga kahle njengoba kwasuka udweshu bukhoma kubangwa indaba yokuthi kukhona abapike abangebona abaculi bangempela.
UBig Zulu ukuqinisekisile ukuthi banezingxoxo nabaphathi bale nkundla eyakhandelwa i-FIFA World Cup ngo 2010, “Impela kuyiqiniso sifuna kudlalwe eMoses Mabhida kodwa izingxoxo azikaqedwa. Sithandazela ukuthi imithandazo yethu iphenduleke ngoba sikholwa ukuthi uma singaya kodlala kuleya nkundla, konke kohamba kahle emacikweni akithi.”
Okwenza le midlalo ibe nesasa ukuthi kudlala abaculi abanjengoCasper Nyovest, Khuzani, DJ Tira, Dumi Kokstad, Jumbo nabanye
