Uncategorised

KUNXUSWA IZIKHUNGO ZEMFUNDO UKUTHI ZICIJE ABAFUNDI NGAMAKHONO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehola umhlangano we-HRDC izolo. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

KUKHUTHAZWA uMkhandlu we-Human Resources Development Council (HRDC), ukuthi usebenze njengebhuloho lokugcina izikhungo zemfundo ephakeme, zikwisimo esidingwa imboni okungukucija amakhono kwizitshudeni. Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi kuhleli umhlangano woMkhandlu iHRDC izolo, e-Archie Gumede Conference Centre eMayville izolo.

UNdunankulu uveze ukuthi kulenyanga uqeda izinyanga ezingama-20 ehola uhulumeni wobumbano. “Ngesikhathi ngingena ehhovisi likalohulumeni, ngathola ithuba lokuhlala nalo mhlangano izikhathi eziningi. Lo Mkhandlu uba nemihlangano lapho ngilalela khona kubhungwa ngezingqinamba ezibhekene nesifundazwe sethu, nezixazululo ezingasiza ukuthi kungqotshwe lezi zingqinamba. Sibhunga ngokwandisa ubudlelwano kanye nezivumelwano ezizosiza ukuthi kuthuthuke lesifundazwe kwezomnotho. Enye yezinkinga esiyificile eyokucijwa kwamakhono, imfundo, uqeqesho kanye nokushoda kwamathuba emisebenzi. Uma sike sangqoba lezi zinkinga siyobe sesiyinqobile indlala, ukungalingani nokunye okuningi lapha esifundazweni,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Ube eseshayela ihlombe amalunga aphambilini alo Mkhandlu, nezisebenzi zikahulumeni ngokwenza umsebenzi oncomekayo.
“Amalunga alo Mkhandlu aphambilini akhe isisekelo salo Mkhandlu saqina ngokuthuthukisa, nangokubeka lo Mkhandlu kwelinye izinga. Kufanele ube ibhuloho elibeka abantu endaweni eyiyona ukuze babe yingxenye yokukhulisa umnotho,” kuqhuba uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi umthwalo omkhulu osemahlombe amalunga amasha alo Mkhandlu , ukwakha umsebenzi omuhle phezu kwesisekelo esiqinile.