ONOMEHLO BEZINTOMBI BACOBELENE NGOLWAZI KUMKHOSI WESIVIVANE

ANELE ZUMA
ONOMEHLO bathole ithuba lokugonyuluka nokucobelana ngolwazi ngesikhathi kuqala UMkhosi Wesivivane, oqale ngengqungquthela egxile ekugqugquzeleni abesifazane, izolo eMpakamo.
Lo mcimbi owenzelwa eduze neSigodlo sase-Emashobeni, ngenhloso yokugqugquzela ukuthi abesifazane babambe iqhaza ekwakheni imiphakathi ungumzamo weminyango kahulumeni yesiFundazwe, izinhlangano zomphakathi, nabaholi bendawo ukuxoxa ngezinkinga ezibhekene nabesifazane.
Okugqame kulesithangami ebesihanjelwe oNomehlo bezintombi zomhlanga ukucobelelana ngolwazi futhi ukugqugquzelwa kwabesifazane ukuba bahole ekwakheni imiphakathi ephephile.
Into ebiseqhulwini ukubaluleka kokukhulisa kwabafana namantombazane ngokulinganayo nangenhlonipho nokuthi abesifazane babambe iqhaza kwezomnotho.
UNdlunkulu uThabile MaXulu Zulu wasoSuthu oyingxenye yalo mcimbi, ugqamise ukuthi kwesekwe izisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (GBV)
“Kufanele sikhulise izingane ezazi inhlonipho nokubaluleka kokuzihlonipha okunika isithunzi. Abafana namantombazane kufanele bakhuliswe ngokulinganayo.” kusho uNdlunkulu MaXulu Zulu wasoSuthu.
Kulo mcimbi omama besivivane bathwale izinyanda zomhlanga eziya eSigodlweni ukuze bazethule kwiNdlulamithi iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
ISilo kulindeleke ukuthi sethule inkulumo namuhla egqamisa indima ebalulekile yabesifazane emphakathini.

