UKHAWULA UXWAYISE OSONKONTILEKA UKUTHI BANGADIZI NGEMALI

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko Ciko, namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eMpolweni. ISITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula uyalele osonkontileka abazokwakha iMpolweni Sport Complex, eMshwathi ngaphansi koMgungundlovu ukuthi bangalinge bavume ukudizela abantu ngemali, bengasebenzanga.
UNgqongqoshe ukhulume kanje ngesikhathi ethula omakhi abazokwakha kabusha iMpolweni Sports Complex, ezodla izigidi ezingaphezu kwezi R13m, endaweni yaseMpolweni ngaseMgugundlovu maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Ukwakhiwa kwale nkundla kulindeleke ukuthi kube sekuqediwe ngenyanga kaNcwaba ngonyaka ozayo.
UKhawula ugcizelele ukuthi intuthuko ayikhethi mabala ngakho akekho umuntu ozofika ezofuna imali ngodli, wathi imali iyasetshenzelwa.
“UMnuz Khumalo, noMnuz Adam yibona abanikwe umsebenzi asibazi, akubona abangani bethu futhi siyaqala ukubabona namhlanje. Into esihlanganisa nabo iyodwa ukusenzela umsebenzi. Ngidinga benze umsebenzi osezingeni qha, hhayi okunye,” kusho uNgqongqoshe uMnuz Khawula.
IMeya yaseMshwathi uKhansela Mandla Zondi ugcizelele ukuthi umphakathi uzigadele izakhiwo zawo ungavumi zicekelwe phansi. “Uhulumeni waKwaZulu-Natal uma eletha intuthuko emphakathini akabheki iqembu lezombusazwe kodwa ubheka ukuthi abantu badinga kangakanani, bese ehambisa intuthuko. Siyabonga kakhulu kuMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ukuthi uma sifaka isicelo ebese beyakuzwa ukukhala kwethu,” kusho iMeya uZondi.
