Uncategorised

KUFUNDISWE IZIKOLE NGOKUBALULEKA KWEMVELO

UKHANSELA Gumede uthi ukuguquguquka kwesimo sezulu kuba nomthelela ongemuhle neze kwisifunda iLembe ngakho kumele kubhungwe ngamaqhinga angalekelela ukubhekana nayo lenkinga. ISITHOMBE: SIYABONGA PHAKADE

SIYABONGA PHAKADE

IMEYA kaMaspala wakwaDukuza uKhansela Sduduzo Gumede uthi imiphakathi kumele ifundiseke ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo.
UKhansela uGumede usho lokhu ngesikhathi ehambele isikole eMbhekamuzi Secondary School KwaDukuza enyakatho yeTheku, njengoba kuqhubeka uhlelo iStewardship Programme, nokuwuhlelo oluholwa inhlangano eyengamele ukusebenza komaspala iSouth African Local Government Association (SALGA) kanye noMaspala wakwaDukuza.
“ Lolu hlelo lufundisa izikole ngokubaluleka kokongiwa kwezemvelo nezindlela zokwehlisa izinto ezibhebhethekisa ukuguquguquka kwesimo sezulu. Ukuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni wonke kuyinkinga njengoba kunomthelela ongemuhle kwinhlalonhle emiphakathini, “ kusho Gumede.
Uthi bayaluthakasela kakhulu lolu hlelo njengoba kuwuhlelo olufundisa luphinde luqwashise ngamasu okulwa nokubhebhetheka kokuguquguquka kwesimo sezulu.