Ekhaya

IZIHLATHI  ZIVAKASHELE  IZIQHOMO  KUPITSO

NOBUHLE MLABA
newsroom@selectafricanews.co.za

Ekugcineni uPitso Mosimane uthole iwini yokuqala njengomqeqeshi we-Esteghlal FC yase-Iran eshaye iMes Rafsanjan FC 1-0 izolo ngoMgqibelo. 

UMosimane ufike kabi kuleli qembu njengoba ebhabhadiswe ngomlilo ehlulwa imidlalo emithathu kulandelana. 

Lesi sibhaxu senze abaningi baqala bangabaza ukuthi uzokwazi ukutakula leli qembu ebunzimeni. 

Abanye bese beqalile ukuthi noma inini uzobonakala nemithwalo yakhe e-OR Tambo Airport esebuya e-Iran esexoshiwe. 

Nokho uke wacashunwa emithonjeni yabezindaba ethi inkinga ayificile kwi-Esteghlal FC ukuthi ilinyalelwe inqwaba yabadlali kanti futhi ufike eqenjini mphakathi nemidlalo yeLigi. 

Iwini yayizolo isuse iqembu lakhe kunombolo 14 yayohlala kunombolo 10 kwiPersian Gulf Pro League namaphuzu ayi 11 emdlalweni eyishumi. 

UMosimane ungumqeqeshi wesibili waseNingizimu Afrika osebenza e-Iran njengoba phambilini uRoger de Sa uke waba iphini lomqeqeshi qembu lesizwe uCarlos Quireoz balifaka kuFifa World Cup ngo 2022.