LIHLEHLILE LOWETEKISI EYADLULA NEMIPHEFUMULO EYI-14 EGOLI

U-AYANDA Dludla ongumshayeli wetekisi eyadlula nenqwaba yemiphefumulo yezingane eGoli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UZOVELA mhla ziyi-14 kule nyanga, u-Ayanda Dludla, osolwa ngokubulala izingane eziyi-14 engozini yemoto eGoli.
Ubhekene noxhaxha lwamacala ezingane zesikole eziyi-14, ezashona engozini.
U-Ayanda ubevele izolo eNkantolo kaMantshi yaseVanderbijlpark, kodwa ahleliselwa uNdasa.
U-Ayanda ungumshayeli wetekisi ethutha abafundi bezikole ezihlukahlukene eGoli, eyaba undaba mlonyeni ngasekuqaleni kwalonyaka, njengoba yashayisana neloli kwadlula emhlabeni inqwaba yezingane. Kusolwa ukuthi imbangela yengozi kwaba ukushayela ngesivinini esiphezulu, ukudlula (overtake) izimoto eziningi ezaziphambi kwakhe, kwatholakala ukuthi akanazo izincwadi zokushayela nokunye.
U-Ayanda usazoqhubeka abhadle esitokisini, kulandela ukuthi echithe isicelo sokufake ibheyili.
UMmeli ka-Ayanda uveze ukuthi isimo sakhe asikho kahle, selokhu kwenzeka lesibhicongo. Amalunga emindeni yezingane afuna ubulungiswa.
