UTHEMBEKA MCHUNU UNGOWESIFAZANE ONAMAGALELO KWIPOLITIKI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUQOKWA kukaNkk Thembeka Mchunu kwiPTT yaKwaZulu-Natal, koyamaniswa namagalelo akhe amahle kwipolitiki.
UNkk Mchunu uthi ukuqokwa kwakhe kuleli komidi, kusho ukuthi kufanele basebenze ngokuzikhandla, ukubuyisa isithunzi sikaKhongolose ikakhulukazi esifundazweni KwaZulu Natal.
“Siwusebenzele u-ANC futhi sisazowusebenzela. U-ANC iyona yodwa inhlangano eyakwazi ukukhulula abantu baseNingizimu Afrika. Yilona khaya labantu bonke, elikwazi ukumelana nezidingo zabantu futhi ebuyisa ithemba kubantu,” kusho Nkk Mchunu.
UNkk Mchunu uqokwa nje ukuba yilungu kwiPTT, uyilunga leNEC ye-ANCW, aphinde abe yilunga lesishaya mthetho sikazwelonke lapho engusotswebhu wekomidi lakwa-Science, Technology and Innovation.
Uke waba yiMeya kuMkhandlu iKing Cetshwayo, wayewuSekela Sihlalo kwiRegion eMusa Dladla.
Ungowesifazane ohlakaniphile, ongusopolitiki, unamagalelo amakhulu ekushintsheni izimpilo zabantu kodwa uthi kukho konke akwenzayo unxusa uJehova kuqala.
