Uncategorised

JUSTICE FOR CWECWE

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

ININGIZIMU Afrika icela ukuthi kubanjiswane ukuze uCwecwe athole ubulungiswa.
Izolo bekunemashi kazwelonke ngaphansi kwesiqubulo esithi #justiceforcwecwe, icala likaCwecwe yicala elisematheni kulezi zinsuku, okusolwa uthishanhloko wesikole sabelungu afunda kuso.
Le ntombazanyana ebhekene nale ngwadla ineminyaka eyisikhombisa, lokhu kwenzeke ngonyaka ophelile ngo-Okhthoba.
Ukuphuma phambili kukaMfu uTimothy Omotoso osolwa ngamacala, okunukubeza izingane ezincane, kuvele kwalahlisa amathemba ngecala likaCwecwe.
“Asazi lesi sinqumo senkantolo sichazani. Zolo lokhu besigcwele imigwaqo sifuna ubulungiswa ecaleni likaCwecwe, kusho ukuthi nakhona umsolwa iyophuma eqengqeleza,”kusho uNomsa obhale kufacebook.
Izolo kwimashi ebisenkabeni yeTheku bekuphume noSaziwayo bethi kumele kuzwakale ukuthi selimi kuphi leli cala.
“Sonke manje siwumndeni kaCwecwe. Kungani kuze kumele kube nemashi edinga ukuthi iziphathi mandla zinyakaze? Kungani kunzima ukuthi leli cala libesobala? Akusilo lodwa kodwa maningi amacala anyathelwayo. Akekho umzali ongathanda kuhlukunyezwe ingane yakhe, ikakhulukazi la esizitshela khona ukuthi izingane ziphephile. Lento yenza singakwazi nokulala sicabanga ngokuphepha kwabantwana bethu. Ngikhuthaza namabandla asukume ame eskhaleni,” kusho uBhishobhi Vusi Dube webandla i-eThekwini Community Church obengomunye wabagqugquzeli bemashi.