KUBHUNGWE NGEZITHINTA AMACIKO NAMASIKO KOWE-G20

ININGIZIMU Afrika ukujabulela ukuthi ibe ngabokuqala okubanjelwe kuwo umhlangano we-G20. IZITHOMBE:KZNDSAC
NOMCEBO NGEMA
IZIKHULU zamazwe angamashumi amabili zivalelane EMHLANGANWENI wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, obizwa nge-Culture Working Group kwaze kwaba phakathi kwamabili, ziyishuka imbodla ngezindaba ezithinta ukuvikelwa kwamasiko nobuciko emhlabeni.
Lo mhlangano ububanjelwe eBallito eNyakatho yeTheku uvulwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko kulelizwe uMnuz Gayton McKenzie ehambisana nomlingani wakhe uNgqongqoshe wezeMidlalo. WezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba.
Phakathi kwezihloko ebezidingidwa kulo mhlangano kubalwa udaba lokuvikeleka kobuchule besintu bamazwe ayingxenye yalomhlangano.
INingizimu Afrika iyona yokuqala ngqa ukusingatha umhlangano we-G20 e-Afrika iphelele njengoba uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa kunguye owengamele leliqoqo lamazwe okwamanje.
UNgqongqoshe uMcKenzie ucele izikhulu eziyingxenye yezingxoxo ukuthi ziqinisekise ukuthi noma zingavumelani kodwa zikwenze ngokubeka ubuntu phambili.
“Singabantu abaculayo baphinde badanse, siyilolu hlobo lwabantu abadansayo uma sijabule kanjalo noma siphatheke kabi. Siyacula uma sibambe impi kanjalo noma senza uxolo siyacula, siyacula uma kuzalwa ingane siphinde sicule uma idlulile emhlabeni. Singabantu abaculayo ngoba usiko luletha uxolo, izwe lase-Afrika lisendaweni ekahle emhlabeni njengoba iphatha wonke umuntu ngendlela elinganayo, “ esho uNgqongqoshe uMcKenzie eqhuba ethi:
”Ngiyanemukela nonke zihambeli zethu kulomhlangano futhi ngithanda ukunishiya nalomyalezo nathi esawuthola kubazali bethu, nabo bewuthathe kubazali babo ukuthi into ebaluleke okudlula isivumelwano ukuthi umuntu ohlangana naye umshiya nokumamatheka, ukumamatheka kubaluleke okudlula isivumelwano ilokho esafundiswa khona.”

