INDUMALO USOMIZI ESEKA UNGIZWE

ANELE ZUMA
USAZIWAYO wakuleli uSomizi Mhlongo usephumele obala waseka inkulumo kaNgizwe Mchunu njengoba ebekhuluma bukhoma (live) ku-instagram.
Ngesikhathi ekhuluma uSomizi uvumelane noNgizwe ngokuhlonishwa kwemvunulo yesintu, ikakhulukazi leyo egcinelwe iSilo.
Uthe indlela uNgizwe akhuluma ngayo iyona edala ukungezwani kube nezinxushunxushu.
Kuzokhumbuleka ukuthi inkulumo kaNgizwe isuse umsindo omkhulu ozamazamise izinkundla zokuxhumana kanye nezinhlangano ezeseka abathandana nobulili obufanayo, njengoba wagxeka ukusetshenziswa kwemvunulo yakwaZulu izithandani ezazishada zobulili obufanayo.
USomizi ube esecela umphakathi we-LGBTQIA+ ukuthi uhoxe ukuhlasela uNgizwe ezinkundleni zokuxhumana, wagcizelela ukuthi sekuyisikhathi sokuthatha le ndaba njengesifundo hhayi njengomsusa wempi.
Ngale nkulumo kuze kwafakwa izikhalo ku-South African Human Rights Commission (SAHRC).
