Uncategorised

KUKHUTHAZWA ABANTU BATHUMELE AMAVIDEO EMILANDO YEZINDAWO ZANGAKUBO

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula okhuthaza ukwaziwa kwemilando yezindawo abantu abazakhele. ISITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula umema amalunga omphakathi ukuthi enze ama-video amafishane omlando wezindawo zangakubo okanye abazakhele, umlando wezintaba, imifula kanye nokunye.

Abazophumelela kulomncintiswano bayobe sebemenyezelwa mhla zingama-21 kuNhlolanja njengoba usuku lokuvala zingama-31 kuMasingana. Ngalo mncintiswano uMnyango uhlose ukuqhakambisa ukubaluleka kolimi lwebele, ukuthi abantu bazi kabanzi ngomlando wezindawo abakuzona, izintaba, imifula nezintaba.

Nansi imigomo okufanele uyilandele uma uzongenela lo mncintiswano:

  1. Yenza ivideo emfishane ingeqi emzuzwini emibili.
  2. Nikeza umlando wezindawo zangakini kanye nomlando wamagama ezintaba, imifula nokunye.
  3. Thumela ivideo yakho ngokusebenzisa le link: https://forms.office.com/r/prAL7ejcg

Ngeminye imininingwane xhumana noPhilani Ngcobo kulenombolo: 078 80018 37.