Uncategorised

INKANTOLO IPHINDE YANQABELA UMCULI WAKULELI IBHEYILI

UMCULI wakuleli uShebeshxt onqatshelwe ibheyili. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

INKANTOLO kaMantshi yasePolokwana iphinde yanqabela umculi wakuleli ibheyili, njengoba ebhekene namacala anzima ahlanganisa izinsolo zokuziphatha okunodlame, nokubeka impilo yomphakathi engcupheni.
UShebeshxt ogama lakhe langempela kunguLehlogonolo Katlego Chauke oneminyaka engama-30 ubudala, ongowaseLimpompo ubevele kafushane izolo enkantolo.

Inkantolo ithi uShebeshxt uhlulekile ukukhombisa izinto ezingenza ukuthi akhululwe ngesikhathi icala lakhe liqhubeka. Umbuso utshele inkantolo ukuthi ubucayi bamacala kanye nobufakazi obukhona benza kube nzima ukuthi akhululwe.
Inkantolo iveze ukukhathazeka ngokuthi ukukhululwa kwakhe kungaphazamisa uphenyo oluqhubekayo.

IMantshi inqume ukuthi zonke lezi zizathu azidluli ubukhulu bezinsolo abhekene nazo, futhi azihlangabezani nezidingo zomthetho zokuthi kube khona izimo ezikhethekile ukuze athole ibheyili.

Abameli ba-Shebeshxt bakhale ngodumo kanye nesithunzi sakhe emphakathini.
Bathi lokhu kufanele kubhekwe njengengxenye yezizathu zokuthi athole ibheyili. Baphinde baveza ukuthi uShebeshxt usadinga ukwelashwa, ngenxa yezinkinga zempilo ezidalwe ingozi yemoto ake wahlangabezana nayo, okubalwa nokuhlinzwa emlenzeni.