Uncategorised

IMEYA YABAQULUSI INESIFISO SOKUDODISA ABAFANA ABASAKHULA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, emi eduze kwezithombe zikaMama Thezile Mkhonza, obekhunjulwa ilo masipala ngeqhaza lakhe elibalulekile alibamba. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthi basezingxoxweni neMeya yoMkhandlu waseZululand uCllr Michael Khumalo, zokuthi abafana bakwazi ukuthola uqeqesho, ukuze babe ngobaba abaqotho kusasa, abaziyo ukuthi yini elindeleke endodeni. IMeya ikusho lokhu ngoMgqibelo eCicil Emmett eVryheid, ngesikhathi lo masipala wenze indumezulu yomcimbi wesikhumbuzo sikamama uThezile Goodness Mkhonza, owayengumphathi woNomehlo, ngaphansi kwalo masipala futhi okunguyena owalwela izintombi zaseBaQulusini ukuthi zihlolwe, ziziqhenye ngobuntombi bazo.

IMeya uMkhwanazi ithi bayafisa ukuthi ngelinye ilanga balekelele oNomehlo ngokuthile, kokubageze izandla ngenxa yomsebenzi omuhle abawenzela isizwe.
“Mina ngibona kungakuhle ukuthi kuqeqeshwe izihlangothi zombili, okubalwa ukufundiswa ukuhlala ngentombi nokuziphatha kwabafana, ukwakha isizwe.
Abafana abasebancane bayadinga ukufundiswa ukuthi kufanele baziphathe kanjani, ukuze babe amadoda aqotho kusasa,” kusho iMeya uMkhwanazi.

Lo mcimbi ubuhanjelwe amakhosi aseBaQulusini amane kwayisithupha, iNkosi yakwaMdlalose oThaka, iNkosi yakwaZulu eMathongeni, iNkosi yakwaXulu KwamNyathi neNkosi yakwaMdlalose kwaHlahlindlela.