KWETHULWE ISIGUNGU ESIZOKWENGAMELA EZOBUCIKO E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UMACEKECEKE oqokelwe ukuba usihlalo we-KZN Arts Council, uMnuz Themba Ndulini, wethembise ukwengamela ngokwethembeka nokuthuthukiswa kwalezi kwalomkhakha.
Lesi sigungu siqokwe izolo eThekwini, ngesikhathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi, othathe zinsuku ezimbili.
“Siyazibophezela ukusebenza ngobuqotho ukuthuthukisa lo mkhakha, “ kusho UMnuz Ndulini.
Lesi sigungu esinamalungu ayi-9, esethulwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula. Kuwo kubalwa
Themba Ndulini, Christof Spies,Mnqobi Sakhile Sibiya, Balungile Precious Sokhulu Luthando Mngomezulu, Dkt Bhekani Eugene Buthelezi, Nothando Mkhize, Kim Matthews no Sibulelo Goodfriday Msomi.
Nginethemba lokuthi ukusebenza kwalesi sigungu kuzothuthukisa izindawo ezobuCiko namaSiko zikwazi kuzithuthukisa. Lezi zikhungo kufanele zifunde ukuqhamuka nezindlela zokuzingenisela imali, zingangciki ekukhangezweni uhulumeni, “ kusho uNgqongqoshe Khawula.
Ube esezibophezela ukweseka lesi sigungu kumshikashika wokuvumbulula amakhono kulo mkhakha.

