Uncategorised

ISILO SIKHWELE SADILIKA KUSOLWAZI “OSHODA” NGOLWAZI

ISILO uMisuzulu kaZwelithini. ISITHOMBE: SPHA MBHELE

SIYABONGA PHAKADE

ISILO uMisuzulu kaZwelithini ukhwele wadilika kulowo athi umelene noZulu uma ehlaziya, nokubonakala ukuthi cha kuyinto ayihlosile ukucekela phansi lobu bukhosi

INdlulamithi izwakalise ulaka kwayo ngesikhathi yethula inkulumo yayo eMkhosini woMhlanga eMashobeni KwaNongoma, izolo.
“Imisakazo isebenzisa abahlaziyi bamasiko, nosomlando abanolwazi olufishane ngomlando kaZulu. Sekukaningi ngikhalaza ngemisakazo esebenzisa abahlaziyo abadicilela phansi isithunzi sami,” kubhonga iSilo.
INdlulamithi yamakhosi ishaye phansi nonyawo yabhonga yathi ayizokubekezelela uthunazwa isithunzi ikakhulukazi njengoba lokhu kudicilela phansi isithunzi sesizwe samaZulu.
UMntwana uThulani Zulu uthi uMkhosi woMhlanga ubaluleke kakhulu ekukhuliseni abesifazane ngendlela eqotho kanjalo nasekubunjweni kwesizwe.
USihlalo Wendlu Yamakhosi esifundazweni Inkosi Sifiso Shinga uthi kuyamuthokozisa ukubona izintombi ziqhubeka nokuzinikela osikweni lokuhlolwa.