Uncategorised

KUBOSHWE ABOKUFIKA ABAKULELI NGOKUNGEMTHETHO ETHEKWINI

ABOKUFIKA kuleli abakhalelwe amasongo kasgonyela ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso. ISITHOMBE: KZNSAPS

NOMCEBO NGEMA

BALALE bebaliwe osomabhizinisi nabasebenzi bokufika abakuleli ngokungemthetho. Lokhu kuboshwa kwabo kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokubambisana noMnyango waBasebenzi noMnyango wezaseKhaya, beqhuba umkhankaso wokuhlola ukuthi iyalandelwa yini imigomo nemithetho ebekiwe, ngenhloso yokubhekana nokuqashwa ngokungemthetho, kwabantu bangaphandle abangenazo izincwadi eChatsworth, eThekwini.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, kuboshwe laba bokufika kuleli, nosomabhizinisi ngezinsolo zokwephula imithetho yokuthuthela kwelinye izwe ngaphandle kwamaphepha agunyaziwe.

Amaphoyisa athi lokhu kuhlolwa kwamabhizinisi kuyingxenye yemizamo eqhubekayo, yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ahambisana nemithetho yezabasebenzi neyokufika kanye nokunqanda ukuqashwa kwabasebenzi abangenazo izincwadi.