Uncategorised

U-GIGABA UKHALA NGOKUNGABIBIKHO KOKUXHUMANA NGOLWE-MINGCELE

UDKT Malusi Gigaba usezwakalise ukungenami ngemingcele yakuleli. Isithombe: Facebook

NOMCEBO NGEMA

USIHLALO weKomidi Lezokuvikela ePhalamende uDkt. Malusi Gigaba usezwakalise ukungenami kwakhe ngodaba lokulawulwa kwemingcele yaseNingizimu Afrika.
UDkt Gigaba ukhala ngokushoda kwabasebenzi, ubuchwepheshe, kanye nezinsiza kusebenza ngaphakathi kuMbutho wezokuVikela iSouth African National Defence Force (SANDF) kanye ne-Border Management Authority (BMA).
Ekhuluma kwesinye isiteshi sikamabonakude wenze isibonelo ngengozi yebhasi yakamuva, eyenzeke ku-N1 eduze kwaseMakhado lapho abagibeli abanga-91 abangenawo amaphepha batholakale ebhasini elinelayisensi yokulayisha abantu abangu-61 kuphela.
Uthi Lokhu kuwuphawu lokwehluleka okukhulu kokuphepha kwemingcele.
“ Imingcele evulekile ivumela ukufuduka okungekho emthethweni, ukushushumbiswa kwabantu kanye nobugebengu. Lokhu kudalwa ukuxhumana okungekuhle phakathi kwezinhlangano kanye nobuchwepheshe bokuqapha obungekho ezingeni,” esho.
UDkt Gigaba unxuse ukungenelela okuphuthumayo kokuqinisa ukubambisana phakathi kwe-SANDF, i-Home Affairs, iBMA kanye nokutshalwa kwezimali ezinhlelweni zokuphathwa kwemingcele yakuleli.