UGCULISEKILE NGEKHEMISI LASE-MAGHANDI U-MNGADI

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane-Mngadi ngesikhathi evakashele eMahatma Ghandi Memorial Hospital. ISITHOMBE: KZNDOH
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNKK Nomagugu Simelane Mngadi, uqalile ukwenza uhlelo lokuvakashela ezibhedlela nasemitholampilo kahulumeni kungazelele.
Uthi ukuhambela kwakhe isibhedlela iMahatma Ghandi Memorial Hospital, eThekwini, behlose ukubona ukuthi izinto ezihamba ngohlelo yini, ikakhulukazi ekhemisi, nobuka indlela ekukhishwa ngayo imithi.
Ngesikhathi ethula inkulumo uveze ukuthi lesi bhedlela, yisona esikhulu kwisifunda saseThekwini, esinomthamo ophezulu wabantu esibabonwa nsuku zonke. Uthi njengoba egasele kungazelele muntu kuningi okuvelile okumele kulungiswe, ikakhulukazi kolayini, njengoba lesi sibhedlela sinomthamo omkhulu wabantu abafika usuku nosuku ukuzokwelashwa.
“Angigcinanga ngokuvakashela ikhemisi kuphela kodwa ngiphinde ngavakashela namanye amagumbi ngibona iziguli ezifika usuku nosuku (OPD), ngavakashela negumbi labazithwele nakwamanye. Ekhemisi ngenelisekile ngengikuficile kodwa kuzomele kube noshintsho ngendlela okusetshenzwa ngayo, nakuba ikhona imithi kodwa kumele kulungiswe laphaya nalaphaya ukuze kungathathi isikhathi eside abantu belinde imithi,” kusho uNgqongqoshe USimelane-Mngadi.
Uqhube wathi isibhedlela sizolekelelwa ngohlelo lokubhekana nomthamo ophezulu e-OPD, ngokulekelelwa isifunda nesifundazwe. Uveze nokuthi ezibhedlela nasemitholampilo eyenza kahle ziyafika izincomo zomphakathi, ziveza labo abenza kahle.
