Uncategorised

OLWE-ISUKILE LUFUDUMEZE UTHUKELA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

KUGQAME ithalente lasoThukela ngenkathi uhlelo loMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko Namasiko olubizwa nge-Isukile lugasele enkundleni yezemidlalo eWembezi, okuhloswe ngalo ukudidiyela umncintiswano wamathalente kwezemidlalo nezobuciko.
UNgqongqoshe Mntomuhle Khawula uthi ujabuliswe isasasa alifice kule ndawo yasoThukela.
“Njengoba lenqola emasondosondo Isukile igudla izifunda sithi isukile kunoma imiphi imikhakha ethinta umnyango wethu kunoma iliphi iwadi, siqinisekia ukuthi abantu bayadlala, bayacula, bayakhula. Lonke uhlobo lobuciko sithi akwenziwe kuwowonke amawadi nomasipala,” esho.
I-Isukile wumkhankaso wesifundazwe ozinikele ekukhuthazeni indlela yokuphila enempilo ngokuhlanganisa ezemidlalo, ezobuciko nokuveza amasiko.
Amaqembu ayi-12 athole imiklomelo ehlukene, elibashsye emakhanda lithole oka-R10,000, elilale isibili ligixabezwe R7,500 , kwathi elilale isithathu lathola u-R5,000.
I-United Madrid ibhincise nganxanye iLangalibalele Academy neWeenen FC ngesikhathi iphuma phambili kwelikanobhutshuzwayo. Kwi-netball iqembu Umlilo liphume phambili lashiyela Amahlabathi, kanti iYoung Stars ithole isithathu. Kumkhakha wezikole iBhekundi High school idle umhlanganiso neZamukuthula ibesesicongweni kwezase-primary.

Ngaphezu kwalokho, izikole ezingama-48 kule ndawo zithole izinsiza nama-kit ezemidlalo, lokhu kuqhubekisela phambili ukuzibophezela koMnyango ekuthuthukiseni intsha nokufukula umphakathi.
USabelo Zuma we United Madrid ubonge ukubambisana kwabadlali nesineke sabaqeqeshi noxhaso oluvela kuMnyango noMasipala.
“Noma bekunzima sisuka kwisiwombe sokuqala kepha sibambisene kwaze kwasekugcineni.”.

IZITHOMBE: SPHAH MBHELE