Uncategorised

USHINGA NOKUSHA KWETHULWA EYEZINGANE

smart

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UBE yimpumelelo umcimbi wokwethula ngokusemthethweni inyanga yokuvikelwa lwezingane, obusezinkundleni zemidlalo eHarry Gwala, eMgungundlovu namuhla.
Kulokhu kuthulwa kwalo nyaka kwenziwe okungajwayelekile njengoba uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal oholwa uNksz Mbali Shinga, wenze isivumelwano nosomatekisi abathutha izingane zesikole iSANTACO KZN Scholar, sokuzibophezela ekuvikeleni izingane.
UNgqongqoshe uShinga uthi ukwenze lokhu ngenhloso, yokuqinisekisa ukuthi kuliwe nokuhlukunyezwa kwezingane, njengoba omalume nabo beklama indima ukuqinisekisa ukuthi izingane ziya noma zibuya ezikoleni ziphephile.
“Omalume yibona abachitha isikhathi nezingane, kwesinye isikhathi uthole ukuthi yibona ababona ingane uma inenkinga. Yebo bakhona omalume abangenzi kahle kodwa futhi bakhona abenza kahle. Konke lokhu sizokwenza ngokubambisane sinenhloso eyodwa yokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane nokuhlonipha amalungelo azo,” esho.
UMnuz Mandla Mvubu onguSihlalo weSANTACO KZN Scholar ubonge uNgqongqoshe Shinga ngokuthi abanikeze ithuba okokuqala kuhulumeni, wathembisa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi izingane ziphephile.
Uveze ukuthi umbhidlango wokulwa nodlame olubhekiswe ezinganeni, bazowuqhuba unyaka wonke