Uncategorised

KUXWAYISWA ABAQASHI ABAQASHE ABOKUFIKA KULELI NGOKUNGEMTHETHO

ABOKUFIKA ebebeqashwe abakuleli ngesikhathi bebashiya izolo eDurban Old Drive. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ONGOTI bezomthetho wabasebenzi baxwayisa abaqashi ngobungozi bokuqasha abokufika ezinkampanini abangenazo izimvume ezisemthethweni zokuba kuleli. Lokhu kulandela imibhikisho esabalele ezweni lonke enxenxa abokufika ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo.

Ongoti bathi amabhizinisi aqasha abantu bokufika angase abhekane namacala obugebengu, izinhlawulo ezinkulu kanye nesigwebo esiqinile. “Ukuqinisekisa isimo somuntu ngaphambi kokumqasha akusona isinqumo ozikhethela sona kodwa kuwumthwalo osemthethweni okufanele wonke umqashi awufeze,” kusho ongoti kwisitatimende.

Kuzokhumbuleka ukuthi izolo abaqashi babasebenzi basezindlini eThekwini babonakale befika bezoletha abantu abebebasebenzela la obekuhlezi khona abaseMalawi, nakuba uMasipala weTheku esesivalile lesi sikhungo kwathi bonke ebebekhona bayiswa eMusina, eLimpopo. Abasebenzi bathi abaqashi bathe basaba ukuthi kungase kuhlaselwe imizi yabo ngenxa yemibhikisho eqhubekayo.