U-GABADINHO UFAKE ENKANTOLO I- GALLANTS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UMDLALI waseMalawi osegcugce amakilabhu amaningi akuleli uGabadinho Mhango kungenzeka adlelwe umuzi wakhe oseGoli.
Ibhange iNedbank selimthumele amasamanisi ngoba ehluleka ukukha isikweletu esingaphezu kuka-R1.2 million. Ngokubika kweSunday World, ibhange lifuna ukuthi umuzi udayiswe ukuze kubuye imali yalo ngoba lo mdlali uhlulekile ukukhokha imali yanyanga zonke ngokwesivumelwano sokudayiselwa kwakhe lomuzi.
Leli bhange lifuna nenzalo yonyaka engu-12.60% futhi inikeze uMhango izinsuku eziyishumi ukuthi aziphendulele. Njengoba engaphendulanga, lokhu sekunike ibhange igunya lokuqhubeka ngaphandle kokuphikiswa nezinhlelo zokudayisa lo muzi.
Kuthiwa uma esho ulinde imali akweletwa yona yikilabhu adlala kuyo yokusetshenziswa kwezithombe zakhe. Usefake iqembu adlala kulo manje iMarumo Gallants enkantolo, ufuna u-R828 000 ohambisana nenzalo ngokusetshenziswa izithombe zakhe ezikhangisweni nasemikhankasweni yeqembu.
UMhango uthi iqembu lakhe lakudala, iSwallows, yilo elasayina inkontileka yokusebenzisa izithombe zakhe.Manje njengoba iGallants yathenga isitifiketi seSwallows, kusho ukuthi leyo nkontileka isiwele kuyo, ngakho iyona okumele imkhokhele.
UMhango uthi manje le mali sekumele ikhokhwe iyisamba esiphelele ngokwemibandela yenkontileka. Lo mdlali ufike kuleli wadlala kuBloemfontein Celtic wadlulela kuLamontville Golden Arrows, Bidvest Wits kanti udume kakhulu esekwi-Orlando Pirates nakuMaZulu FC.
