I-ISUKILE YASE-MAJUBA IBENGEYEMIDLALO NOBUMBANO KUMPHAKATHI

UNGQONGQOSHE uKhawula utuse okuhle okwezinwe Newcastle kowe-Isukile eNewcastle IZITHOMBE:SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
BEKUKUHLE kudelile kwimidlalo ye-Isukile ehlelwa uMnyango wemidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali ngenhloso yokuqinisekisa ukugwema intsha ekutheni ibe wuvanzi, futhi ukuze igweme ukwenza izinto eziholela ekwenzeni okungemthetho nasekusebenzise izidaka mizwa.
Lo mcimbi oqale ngomviliyelo obutshengisa ubumbano, kuvililiyela zonke izizwe, zizigqaja ngamasiko azo, ubuse-Arbor Park eNewcastle namuhla.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi okwenziwe iNewcastle kubahlabe umxhwele, njengoba bekuqala ukuthi kuqalwe ngomviliyelo wobumbano kwizizwe ezahlukene.
“Newcastle yenze okuhlukile ngokuthi uqale ngokwenza umviliyelo wobumbano futhi yethulwe nomdlalo omunye emusha. Abantu bakulendawo bakhombise ukuyithakasela kakhulu i-Isukile , baphume ngobuningi babo ukwenza imidlalo, kanti nezibukeli beziphume ngobuningi, *esho.
Abathandi bezemidlalo bathokozele imidlalo eyahlukene, okubalwa iRugby, Goo Ball, Wheelchair Basketball, Cheers inetball, volleyball, i-aero-marathon, imilabalaba, chess nebhola lezinyawo.
Abathandi bebatha bathole ithuba lokubuka iNewcastle All Stars FC, ikladulisana ne-Newcastle Warriors FC.
Babheme bakholwa abathandi bobumnandi njengoba nabo bephakele amehlo ngendlamu noshameni.



