LIGQABUKE NGOKUSEMTHETHWENI IFINDO LESIMANGALISO NEZEMVELO

UMNUZ Sihle Mkhize noMnuz Sibusiso Bukhosini emva kokusayina isehlukaniso. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
ZINGAMAMPUNGE izindaba zokuthi kukhona ukungazwani nokungaboni ngaso linye, phakathi kwezinhlangano ezimbili i-Ezemvelo KZN Wildlife, neSimamangaliso Wetland Park, kulandela ukugqabuka kwefindo leminyaka besebenzisana.
Lokhu kuvezwe uMnuz Sihle Mkhize oyi-Chief Executive we-Ezemvelo Wildlife Kwazulu-Natal, namhlanje kwisithangami sabezindaba ebesiseMoses Kotana Research Institute, edolobheni eThekwini.
UMnuz Mkhize uthi emva kwesikhathi eside Ezemvelo Wildlife zisiza iSimangaliso, ngokuthi kube yizona ezengamele amahhotela neziqiwi, manje sekufike isikhathi sokuthi iSimangaliso sengamela lezi zindawo zaso.
“Ukuhamba kwethu kungukuhamba okuhle, siwenzile umsebenzi ebesinikwe wona ngokuthembeka nangobuqotho. Lokhu kuphuma akusho ukuthi kunokuxabana okukhona okanye ukungaboni ngaso linye, kodwa yinto esasivumelene ngayo ukuthi uma kufika isikhathi lezi zindawo zizobuyela kubona njengoba nomthetho obaphethe usho. Sesifikile manje leso sikhathi, nathi sithi siyabonga kwiSimangaliso ukuthi sisithembe sisinike lo msebenzi siwengamele,” kusho uMnuz Mkhize.
Uqhube wathi bazoqhubeka basebenzisane, ikakhulukazi kwezokongiwa kwemvelo ngoba babanikile igunya lokuthi baqhubeke bawenze lo msebenzi. Uphinde waqinisekisa imisebenzi yabasebenzi bakulezi zindawo ukuthi iphephile futhi angeke iphazanyiswe ilezinguquko.
