Uncategorised

OWE-VUMA FM IQOKWE KWAWE MPUMALANGA GOSPEL MUSIC AWARDS

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

UMSAKAZI uPhumlani Nkwanyana oshayela uhlelo iMega Grace Hour emsakazweni iVuma 103 FM, uqokwe nohlelo lwakhe kuma Awards aseMpumalanga, kumkhakha we Best National Gospel Radio Show.

Uhlelo iMega Grace Hour idlala kusuka ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngehora lesihlanu ekuseni. Luphinde lube ngeSonto ngelesithupha kuya kweleshiyagalolunye ekuseni.

Phambilini leli hora kulomsakazo belingenalutho, kudlala ingoma kuphela. Kodwa seloku lathathwa uPhumlani odume ngelikaMabhodla umlilo kulona loluhlelo, uselenze lakhuphula nezibalo zabalaleli balomsakazo.

Ukuvotela lomunxa kaPhumlani unga thumela umqhafazo igama “NATIONAL RADIO SHOW – MEGA GRACE HOUR”, uthumele kunombolo ethi 34155. i-sms ibiza R2 kuphela, kanti ukuvota kuvalwa mhla ziyisithupha kuZibandlela (6th December). Umcimbi wona ube mhlaka 8 kuZibandlela eCommunion eMbombela.

Khona manjalo  uPhumlani Nkwanyana umema wonke umuntu eze emkhulekweni i-Ebenezer Conference, okungeyesihlanu yenziwa ngaphansi kohlelo iMega Grace Hour. Inkomfa izobe iseDurban Worship Centre 369 uMngeni Road. Yenziwa mhla ziyi 16 kuZibandlela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni. Isikhulumi sosuku nguProphet Ntokozo Gwala.