Uncategorised

KONKE KUMI NGOMUMO NGOMGCAGCO KOKA- MATHENJWA

AYAQHUBEKA amalungiselelo odwendwe olungoMsombuluko ekhaya eMandaba. Izithombe: KHUZANI MPUNGOSE

NOMCEBO NGEMA

AKUSENSUKU zatshwalwa ukuthi ziwushaye kwisilomo somculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose, ozobe egcagcelwa intokazi yakwaMathenjwa eNgwavuma, lolu dwendwe luzoba eNkandla, eMandaba ngoMsombuluko mhla ziyi-15 kuZibandlela.
Kulezi zinsuku uKhuzani unyakazise izinkundla zokuxhumana, kubatshazwa uthando abantu abamthanda ngalo njengoba izinkomo bezingena zingenile zokumphekisa, imali, iziphuzo kanye nokunye okuningi, okuyinto naye ajwayele ukuyenza ukufaka isandla kubantu abaningi.
Lo mgcagco wandulelwe umshado wesilungu obekumenywe abakhethekile, nokuyilapho abaningi bebeqala ukubona makoti.
Lo mshado ube undaba mlonyeno, abantu ngoba ubufihliwe kwabaningi, kodwa ususabalele ezinkundleni zokuxhumana.