KUTHUNGATHWA UMFUNDI OMINZILE OLWANDLE

IMEYA uCllr Cyril Xaba ixoxisana namalunga omndeni omfundi osathungathwa.

ITHIMBA labaphenyi nabatakuli lisebenza ubusuku nemini ukuthola umfundi okusolwa ukuthi uminzile. IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
KUYAQHUBEKA ukuthungathwa komfundi waseMsinga oneminyaka engama-21 ubudala, okusolwa ukuthi uminzile olwandle eThekwini, ngoLwesihlanu eNew Beach, okuyindawo engavunyelwe ukubhukuda.
Abafundi abayi-18 kuthiwa bahlangabezana nenkingeni ngesikhathi bebhukuda, ama-lifeguards akwazi ukusindisa abafundi abayi-17 kwasala lo oyedwa ongakatholakali.
IMeya kaMasipala weTheku uCllr Cyril Xaba uthi lo mfundi waqala ukucingwa ngoMgqibelo futhi kuzoqhutshekwa acingwe kuze kube uyatholakala. “Sengihlangene nomndeni womfundi kanye nethimba labaphenyi nabatakuli. Nginxusa abazali nabaqaphi bezingane ukuba baqinisekise ukuphepha kwezingane ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma izingane zivakashele olwandle,” kusho iMeya uXaba
