Uncategorised

BELIPHEZULU IZINGA KOWE-ASIPHEPHE GOSPEL FESTIVAL

ZISALE zifuna impindi izethameli koweMandeni Asiphephe Gospel Festval.

USBU Noah oshiye izihambeli zifuna impinda. IZITHOMBE: THABISO MJOKA

NOMCEBO NGEMA

INGQEPHU, ubukhazikhazi, intshumayelo nendumiso bekusezingeni elicokeme kwiMandeni Asiphephe Gospel Festival, eSibusisiwe Hall eMandeni, ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mcimbi uthakaselwe abaningi njengoba ihholo beligcwele phama, abantu bezozibonela abaculi bedumisa ngomculo bukhoma, futhi bezonxusa uNkulunkulu ukuthi abe nabo kulesikhathi samaholidi okuphela konyaka.
UDJ Kotini ogama lakhe langempela uSiyabonga Zikode ongowukuzalwa eNdulinde eMandeni, ongumnikazi wenkampani iKotini Communications & Events okuyiyo, ebihlela lo umcimbi iMandeni Asiphephe Gospel Festval, uthi Lokhu ukwenze ngenhloso yokulwa nezingozi, ezithe chithi saka kule ndawo.
“Inhloso yalo mcimbi ukuzokhulekela ukuphepha, ukukhulekela amaholidi okuphela konyaka amahle angenazigameko zezingozi zomgwaqo Izingozi uma sezenzeka zivele zibe isiphihli. Yingakho ke ngiqhamuke ne-Mandeni Asiphephe Gospel Festival lapho sizonxusa khona uMvelingqangi ukuthi abheke ngakithi ngalesikhathi,” kuchaza uDj Kotini.
Ubonge kuMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula uMasipala waseMandeni ngokwenza lo mcimbi ube impumelelo.

Abaculi abashiyelane inkundla kubalwa uPhindi P, uJumbo, uSbu Noah, u-Ayanda Ntanzi, uSindi Ntombela nabanye abaningi okubalwa nabendawo.