Uncategorised

U-MacG UGADLE KU-CASSPER NYOVEST

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UMETHULI we-podcast enohlonze, evamise ikumema osaziwayo bemikhakha eyahlukene uMacG, kubukeka eseqale umsindo ngokugxeka isilomo somrepha uCassper Nyovest.
UMacG ovamise ukungakwazi ukufihla imizwa yakhe nokuyinto esimdonsele amazinyo abushelelezi kosaziwayo abaningi, ugadle kuNyovest kwiPodcast yakhe yakamuva nebukwe izindimbane zabalandeli bakhe. Ulibeke wangananaza ngoNyovest ethi “UCassper usephelelwe ushatini manje. Angidlali ngalokho. Ngiyazi abantu bazocabanga ukuthi nginenzondo kanti akunjalo,” esho.
Lo methuli wenze isibonelo ngomdlali webhola osuke esefomini ebatshazwa, kodwa ngokwakhe ekumele aliyeke ibhola abantu besambona esasemgangathweni.
“Ibhola kumele uziyekele wena hhayi likuphume wena uma ungumdlali. Ngokunjalo uCassper kumele ayeke phansi imicrophone ingaze iziqathakele yona ngoba ingasafuni ukuphathwa nnguy,” esho.
Uvale ngokuthi okufakazela ukuthi akasenaso isitayela lo mculi waseNorth West ukuthi ngesikhathi enandisa emcimbini kubgekudala, abantu babukeke bemjabulela ngesikhathi ededela amanoni amadala. Kodwa kuthe uma esecula ingoma yakhe entsha ethi Kusho Bani, abantu babukeka beduba bamshiya ecula yedwa esiteji. Umbono kaMacG ufakazelwe uzakwabo athula naye iPodcast uSol Phenduka, yena othe. “Abantu baseNingizimu Afrika bathakasela umculo weqophelo eliphezulu hhayi indaba yeTikTok dance challenge