Uncategorised

BALAXAZE UMQEQESHI OKWENYONGO YENYATHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

LIGQASHUKILE igoda phakathi kukaSimo Dladla obengumqeqeshi weDurban City ayenyusele kwiBetway Premiership ngesizini yakhe yokuqala eyilolonga. Izindaba zokukwehlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kwalezi zinhlangothi ziqinisekiswe nguNathi Mqokiyana ophethe izindaba zalo mqeqeshi.
Kubaqeqeshi okuthiwa bangase bathathe lesi sikhundla kubalwa u-Owen da Gama osindise iMagesi FC ezembeni noRoger de Sa okumanje uzama ukuhlenga iCape Town City ezembeni. Elinye igama lomqeqeshi elivelayo ngelika Sean Connor okwiJwaneng Galaxy osanda kuyinqobela i-Orange FA Cup eBotswana.
Umthombo oncikene kakhulu nale kilabhu uthe okubangiwe kube yimali ebeyifunwa nguDladla njengoba le kilabhu seyizodlala esigabeni esikhulu. UFarouk Kadodia ongusihlalo weDurban City ubevele ekhombisile ukuthi angeke besasebenza noDladla kule sizini njengoba ecashunwe kweminye imithombo nabezindaba ethi bathungatha umqeqeshi onesipiliyoni sePremiership.