Uncategorised

UMKHWANAZI UCHAZELE UMPHAKATHI NGOHLELO LOKUSULELWA IZIKWELETU UMASIPALA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi ekhuluma namalunga omphakathi waseMondlo.

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi nosomabhizinisi abancane abahlomule ngezinsiza ezizosiza amabhizinisi abo. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UBE impumelelo umhlangano weMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, wokuchazela amalunga omphakathi aseMondlo ngohlelo lojwesulwa kwezikweletu (Data Cleansing), ukuthi lutholwa ngabantu abanjani, emhlanganweni obungoLwesihlanu ehholo kwa-A, eMondlo.

IMeya ichazela umphakathi ngalolu hlelo, oluzohambisana nokubhekwa kokuthi ngabe ukufanele ukucishelwa isikweleti.
Uthi abasebenzi bakaMasipala bazokwenza i-Profiling yokuthola imininingwane, ezokhombisa ukuthi bafanelwe yini ukusulelwa sonke isikweletu sikaMasipala. “Ngidumale kakhulu uma ngithola ukuthi kunamalunga omphakathi eMondlo avuma ukukhohliswa ngosomathuba abathize, abenza bengalubhaliseli uhlelo lwezaphulelo. Malunga omphakathi ngiyanicela ukuthi uma kwenzeka livela futhi ithuba lokubhalisela izaphulelo, nilisukumele ukuze nizosizakala,” kusho iMeya uMkhwanazi.

Ithi inesifiso sokuthi intsha yaseBaQulusini enamakhono nothando lwamabhizinisi ithole ukusizakala ngoxhaso kuMasipala ngezaphulelo (rebates) zokuqasha ezindaweni zikaMasipala, ukuze iqhube amabhizinisi, kuze kube bayakwazi ukuzimela.
“Angilukhohliwe udaba lomgwaqo ongemuhle, njengoba kuzoqala unyaka omusha wezimali ngoNtulikazi, uMasipala uhlele ukuthenga imishini yokulungisa imigwaqo (yellow-plant) ukuze kulungiswe imigqwaqo yaseBaQulusini,” kuphetha iMeya uMkhwanazi.

UMkhwanazi uphe osomabhizinisi abancane imishini yokugunda utshani, wapha inkampani yomama baseMondlo umshini wokuthunga.