INJABULO KWI-SAFA NGOZINZO LWABAKWA-SASOL

I SASOL ijabulile iSAFA nokuqinisekisa ukuthi bazoqhubeka babe NABAXHASI. ISITHOMBE:SAFA
MABUNHLE MLABA
EZIMNANDI abaxhasi beminyaka beBanyana Banyana beveza ukuthi bazoqhubeka nokubambisana naleli qembu lesizwe labesifazane.
Besekunokwesaba ukuthi abakwaSASOL bazoshaya bachithe ngemuva kokuvela ukuthi abeneme ngendlela i-SA Football Association eziphethe budlabha ngakhona. Kwaputshuka izindaba zokuthi abadlali beBanyana Banyana abawatholile amabhonasi emidlalo eminingi ngaphambi kokudlala kwi-Africa Cup of Women’s Cup eMorocco. IBanyana Banyana yehluleka ukuvikela isicoco sayo ngenxa yokuthi kwakumapeketwane ekhempini yayo.
I-SASOL yakhipha isitatimende sokuthi kumele i-SAFA ishintshe ukwenza, kungenjalo izokhala yemuke.
NgoLwesine le nkampani kaphethroli esike yaxhasa i-SA Under 23 eyayidume ngokuthi Amaglug-glug, imemezele ukuthi isayinde inkontileka yeminyaka emine, okusho ukuthi izophela ngo 2029.
ULydia Monyapo oyi-CEO ye-SAFA uthe. “Kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi u-SASOL usazibophezele ekusebenzisaneni nathi kanti sikholwa ukuthi ubudlelwano bethu buzoqhubeka kahle,” kusho lesi sikhulu.
