INYUVESI I-UKZN IVULE AMEHLO ABANGABONI ABAYI-5

UMBIKO: SHEILA MHLONGO
NAKUBA kwagcina ebhayibhelini ukuthi uJesu avule amehlo impumputhe, kodwa Lokhu kwenzeka bukhoma Nyuvesi yaKwaZulu-Natal, kuvulwa amehlo abangaboni emehlweni abayi-5.
Lesi isikhungo semfundo ephakeme siqophe umlando ngokuba isikhungo sokuqala eNingizimu Afrika ukunikeza izibuko ze-Envision AI izitshudeni ezihlanu ezingaboni kahle emehlweni, okubalwa Mnu Bright Sello, uNksz Thandeka Ngcobo, uNksz Londiwe Ndaba, uMnu Siboniso Mabuza kanye noNksz Thembisa Xolo.
Lolu hlelo luphumelele kakhulu ngenxa yemizamo ye-UKZN Foundation eyaxhumana nenkampani ehlinzeka ngobuchwepheshe bokusiza, i-Sensory Solutions (Pty) Ltd, ukuba inikele ngalezi zibuko ku-Disability Support Unit (DSU) yale Nyuvesi.
Izibuko ze-Envision zisebenzisa ubuchwepheshe bokufakelwa (AI) ukusiza abantu abayizimpumputhe noma abangaboni kahle ukuthi bakwazi ukufunda umbhalo ophrintiwe noma owe-elekthronikhi, bakwazi ukubona ubuso,bakwazi nokubona isimo sendawo abahamba kuyo kanye nesikhathi konke lokhu kwenzeka ngokulalela umshini ocacisa kahle
Lezibuko zibiza inani elingu -R75 000, futhi zifika nobuchwepheshe be- Software evuselelwayo yokweseka ukusebenza kwalezibuko.
UBright Sello ongumfundi owenza unyaka wesine ezifundweni ze Bachelor of Science, ubechichima injabulo ngesikhathi ethola ukuthi naye usezoba nezibuko ezinobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu zokuthi akwazi ukubona kahle .
“Okokuqala empilweni yami, ngizizwa ngijabule kakhulu njengoba nami ngingeke ngisashiyeka ngemuva, ngizokwazi ukuzenzela izinto ngokwami, ngizifundele ama nothi nama Slides kwi-lecture hall, ngizibonele kahle abangani bami, ekugcineni sengizokwazi ukuzimela. Kusho yena.
“I-UKZN iyaziqhenya ngokuhamba phambili ohlelweni lokusebenzisa ubuchwepheshe bokusiza izidingo zabafundi bayo abahlukahlukene,” kusho uMnu Amith Ramballie, oyiNhloko yeDisability Support Unit yeNyuvesi. “Lezi zibuko zibonisa ukuzibophezela kwethu ekuvulelekeni, futhi zikhombisa inkolelo yethu yokuthi wonke umfundi unelungelo lokufunda, ukukhula nokuphumelela ngokuzimela.”
Loluhlelo lwezibuko lusekela izilimi ezingaphezu kuka-60 kanye nokuxhumana okungenazihibe namafoni aphathekayo kwenza le mishini ibe nempumelelo ebanzi emhlabeni wonke.

Esithombeni esingenhla kusukela ngemuva: U-Dktl. Roshanthi Subrayen, Siyabonga Shabane, Thandeka Ngcobo, Londiwe Ndaba, Siboniso Mabuza, Bright Sello, Phiwayinkosi Mungwe & ngaphambili kube: Derrick Munyai, Mukhtar Khan, Amith Ramballie. Izithombe zithunyelwe I-UKZN.
