SEKUSELE KANCANE KULUNGE KWI-PORTUGAL KWEYOMHLABA

KUSHODA kancane ukuthi i-Portugal ibekise indawo kwiNdebe yomhlaba
ISITHOMBE : Goal.com
MALIBONGWE MAZIBUKO
IZWE lase Portugal lihluleke ukunqoba umdlalo wabo ngempelasonto bedlala neHungary abadlale khona ngokulingana ngo 2-2, okungamagoli amabili ashaywe isihlabani seqembu uChristiano Ronaldo ngesiwombe sokuqala.
Leli lizwe lihlezi endaweni yokuqala kuGroup F ngamaphuzu ayi-10,
Ukuba likwazile ukunqoba iHungary ngempelasonto ibizozibekela indawo eNdebeni yoMhlaba. Kodwa manje kufanele kule midlalo emibili esele linqobe owodwa
AmaPutukezi azodlala umdlalo olandelayo mhla ziyi-13 kuLwezi nezwe lase-Ireland kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Emlandweni okokuqala leli lizwe lizabalazela ukungena kwiNdebe yoMhlaba .
.
