Uncategorised

UMELANSI UKHALA NGOBUVILA KWABEZINDABA

ZETHU PHOSWA

U-AYANDA Melansi ukhale ngokuthi abesifazane abasemkhakheni wezindaba nabathuli bezinhlelo, bangamavila okuqhamuka nento entsha nengakaze ibe khona.
U-Ayanda Melansi oyiContent Specialist kwiGagasi FM, ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kwiphaneli, yomcimbi wabesifazane obizwa ngokuthi iWomen In Media, obuhlelwe amanxusa ase-US, eBat Centre, izolo.
“Kuyacoba ukubona umuntu ofuna umsebenzi kodwa engenakho okusha azogadla ngakho. Ukungakhuthaleli ukwenza ucwaningo ngento entsha ezohambisana nemakethe oyifunayo, kuvele kufane nokuthi uzithulele nje,” esho.

Ukhuthaze ukuthi abantu abafunde bangacabangi ukuthi bazoqashwa ngokuba ama-influencer nje kuphela, kodwa ababe yiwo bewufundele umsebenzi.