Uncategorised

IZINGANE ZIKA-ZANELE MBOKAZI ZIFIKE ZIGQOKE IZINGUBO ZIKANINA


UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

IZINGANE zikaZanele Mbokazi ongasekho zilethe umunyu nenjabulo kowama-Crown Gospel Awards, kulandela ukuthi ziqhamuke ziziqhasabule ngemiswenko kanina.

Lezi zingane zikhumbuze abaningi unina emcimbini obuseGoli eGallagher Convention Centre eMidrand,zingene zigqoke imiswenko yakhe uZanele ayengena ngayo kumaCrown.

Kubonakale abantu bekhombisa ukujabula okunomunyu phakathi.

UNonjabulo Mdluli ongumgqumgquzeli noyindodakazi kaZanele, ubhale ezinkundleni zakhe zokuxhumana ethi “Mama , sibuzwile ubukhona bakho”. Baphendulile abantu bekhombisa ukuyithakasela indlela abenze ngayo ukukhumbula nokuhlonipha uMama wabo.Kwabaphawulile
uDumi Igwee Mkokstad: Ooooh Kwaze kwakuhle

Phindi P: Uthando lodwa

Sibusiso “SbuNoah” Mthembu: Umoya wakhe ubuzwakala kakhulu kungathi ukhona

JacintaZinhle Ngobese: Aaaah kwaze kwakuhle. Ngiyazi ebezokujabulela kakhulu lokhu

UNonjabulo uphinde wabhala umyalezo wokubonga ewuqondise kuBaba wabo uBhishop Nkambule
Lo mcimbi ubuhanjelwe abaculi abaningi kanye noGayton Mckenzi onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuZwelonke.
AmaCrown azoboniswa ku SABC 2 naku SABC Plus kugamenxe elesikhombisa ebusuku.