Uncategorised

OWAMATSHITSHI ASE-DUT UGQUGQUZELA IMFUNDO NOBUNTOMBI

PRO NDLOVU

KUZOGQUGQUZELWA ukuthi ubuntombi-nto buhambisane nemfundo emcimbini wamatshitshi ozokuba sesikhungweni semfundo ephakeme eDUT ngoMgqibelo, ngo-9h00 ekuseni.

Lo mcimbi kuzobe kungowokuvala unyaka owenziwa inhlangano yamatshitshi Izimbali zeDUT Virgins Society, ozophinde ubungaze amatshitshi athweswe iziqu muva nje, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ubuntombi nemfundo akuhambisane”.

UNomehlo uNkk Nozy Gcumisa ohlola izintombi zaseDUT uthi inhloso yalomcimbi ukugqugquzela abafundi ukuthi noma bengekho eduze nabazali kodwa baqhubeke bazigcine. “Umyalezo wami entsheni ukuthi yazi ukuthi kubalulekile ukuziphatha kahle. Amaphutha asebusheni akushaya ebudaleni bakho. Hlonipha isikhathi sobusha bakho ukuze ungazisoli ebudaleni bakho. Ngifisa ukukhuthaza nabanye abantu abasha ngokuthi kuyaphileka ngokuzigcina nokuziphatha kahle, ngisho nasezikhungweni zemfundo ephakeme”, kusho uNkk Gcumisa.