Uncategorised

USGWILI UTHI IBALA ELIMHLOPHE LIBE YISIKHALI SOKUNQOBA

USGWILI Zuma uthi ukuba nebala elimhlophe, kube Isikhali sokulwa ukuze banqobe.

NOMCEBO NGEMA

ISIHLABANI somculi wokholo sithi ukuba nebala elimhlophe ikhona okube Isikhali sokulwa ukuze banqobe, okwenze aqinisekise ukuthi uvulele abanye abanokukhabazeka amathuba, nokuthi bangagoqi izandla kodwa mabalwe .
USgwili ukusho lokhu ngesikhathi ehambele abafundi abaphila nokukhubazeka, esikoleni i- Arthur Blaxal School eMgungundlovu izolo, ngenhloso yokubakhuthaza ukuthi ukukhubazeka kwabo, abakusebenzise njengesikhali sempumelelo.
“Ukuzalwa kwami nginebala elimhlophe kwenza ngakhula kabuhlungu ngibizwa ngamagama alumelayo. Kuthe sengikhula ngabona ukuthi ukuphila kwami nebala elimhlophe angikwenze kube yisikhali, sokulwa ukuze ngivulele iminyango abanye abaphila nokukhubazeka,” kusho uSgwili.
Uthi ukube akanalo ibala elimhlophe mhlawumbe ngabe akekho la ekhona namhlanje.
“Nani bafundi sebenzisani enibakho okungukuphila nokukhubazeka ukuze nithole impumelelo. Kuneminyango ezovuleka ngenxa yokuthi uphila nokukhubazeka ngakho lisebenziseni ithuba ningazivaleli futhi ningazenyezi,“ esho.
USgwili ngokubambisana nomasingcwabisane iSibiya Fuberal no-Umusa Event banikelele labafundi ngobhazabhaza kamabonakude kanye nezinye izipho ezahlukene.