IFAKE AMACALA I-PIRATES KWI-CAF

ESINYE sezigameko esimbi esimangalise iPirates
MABUNHLE MLABA
I-CAF isiphendule isikhalo se-Orlando Pirates mayelana nodaba lomqeqeshi weSt Eloi Lupopo, uGuy Bukasa osize ezakhe ukukhipha leli qembu laseSoweto ku-CAF Champions League.
AmaBhakabhaka ahlulwa ngo 3-0 ekuhambeni eDR Congo kodwa abuya ngamandla ashaya amagoli amathathu okwenze kwayiwa kumaphenathi lapho afika ahlulwa khona. Yize kunjalo, amaSea Robbers asenethemba lokufinyelela esigabeni samaqoqo emqhudelwaneni ohlonishwayo wezwekazi.
IBucs ifake isimangalo kwiCAF mayelana nomqeqeshi okubikwa ukuthi udonsa isigwebo semidlalo eyisithupha ngenxa yecala lokuqondiswa izigwegwe. UBukasa ubekwe icala ngesikhathi se-Afcon ka-Under 20 e-Egypt, lapho ebeqeqesha khona iqembu lesizwe lesizwe lakubo, kanti iPirates ithi bekungafanele avunyelwe ukuhlala ebhentshini ngenxa yokumiswa yiCAF.
Baphinde bathi umdlali weLupopo uHenoc Molia wabhaliswa ngemuva kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali, wephula imigomo yokubhaliswa kweCAF. Ngaphezu kwalokho, iPirates ibike ukuthi uWanet Kashala unama-passport amabili ahlukene, okuveze ukukhathazeka ngokufaneleka kwakhe.
Okhulumela i-CAF uLuxolo September ukuqinisekile ukuthi sebeyitholile incwadi yesikhalazo kodwa wathi angeke akwazi ukusho ukuthi kuzoqala nini ukuqulwa kwecala
