Uncategorised

AZOBHEKANA NOMTHETHO AMAPHOYISA AHLUKUMEZE OWESIFAZANE – UMCHUNU

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

SEKUSUSE omkhulu umsindo ukusabalala kwe-video ebonisa amaphoyisa amabili esifazane eshaya owesifazane.
Kuthiwa lo wesifazane obhekane nale ngwadla, ubezocela usizo kulesi siteshini samaphoyisa.
Okubonalala kule-video amaphoyisa ashaya umuntu kanzima, amkhahlela, amhudula phansi aze amubeka ibhuzu entanyeni.
Kuvela ukuthi kulesi sigameko bekukhona iphoyisa lesilisa ebelikhona belizibukela kungekho kulamula elikwenzayo. Lokhu sekususe omkhulu umsindo abantu bekhala ngesihluku esenziwa abantu bomthetho.
Le-video ikuthiwa igcine ifinyelele kuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwe lonke, emjabhise kakhulu, ngenxa yokuthi amaphoyisa yiwona okufanele avikele imiphakathi.
Ngokwesitatimende esithunyelwe, uMchunu ukubeke kwacaca bha ukuthi akekho ununtu ongaphezulu komthetho.
“Singamaphoyisa sikhonela ukuvikela hhayi ukuhlukumeza. Uma kukhona iphoyisa eliphula umthetho, anginanazi kuzomele libhekane nomvuzo walokho. Kungathi isimo sisibi kanje, silwa imini nobusuku ukuqeda ukuhlukunyezwa kwabantu, bese kuthi lo okumele avikele kube wuye ohlukumezekayo? Wonke umuntu unelungelo lokuzizwa ephephile Futhi evikelekile.” kusho uMchunu.

UMchunu ucele uphiko olubhekana ngqo nokuziphatha budlabha kwamaphoyisa (IPID), ukuthi ilusukumele lolu daba.