IZOVELA ENKANTOLO NGOLWESIBILI INDODAKAZI KA-ZUMA

UDUDUZILE Zuma-Sambudla ngesikhathi eseNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo. Isithombe: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
IZOPHINDE ivele ngoLwesibili mhla ziyi-18 ngesonto elizayo eNkantolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini indodakazi kalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, esolwa ngokugqugquzela udlame emphakathini ngesikhathi sezibhelu zangonyaka ka-2021 ngoNtulikazi, ngesikhathi kuboshwe uyise.
UDuduzile Zuma-Sambudla ubevelile izolo enkantolo ephelezelwa ubaba wakhe uMnuz Jacob Zuma, amalunga eqembu lo uMkhonto Wesizwe Party kanye naloyo owayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede.
UDuduzile uliphikile icala lokugqugquzela abantu ukuthi batape kanye namanye amabili, okugqugquzela udlame emphakathini ngesikhathi sezibhelu zangonyaka ka-2021 ngoNtulikazi, ngesikhathi kuboshwe uyise.
Ufakazi wokuqala wombuso uMajor-General Gopaul Govender, ongumxhumanisi woPhiko loKlebe kuzwelonke ophikweni lwe-Unrest Investigations, uthi uZuma-Sambudla akazange asungule amaqembu kaWhatsApp okuthiwa asetshenziswa ukugqugquzela udlame.
NgoLwesibili kuzofakaza ufakazi wesibili wombuso kulona leli cala.
