Uncategorised

KUYIBHIMBELE I-PIRATES KOWAMANQAMU WE-CAF

UMBIKO: MZWANDILE MHLONGO

SELIDUME ledlula ne-Orlando pirates, kulandela ukwehluleka ukuthi izibekisela indawo yokudlala kowamanqamu emidlalweni ye-CAF champions league.
Ezikamagebhula zishawe kabuhlungu, kulo mdlalo obewandulela owamanqamu, yiqembu lase Egypt i-Pyramid ngamagoli amathathu kwamabili.

UFiston Mayele ushayele Pyramids amagoli amabili kwathi elesithathu lavalelwa enethini uRamadan Sobhi.
AwePirates avalelwe enethini uRelebohile Mofokeng kanye noMohau Nkota, iPirate ike yahamba phambili ngemuva kwekhefu, zabhimba izinto isilinganisa amagoli iPyramids.

IPyramids izobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu.
Kuzokhumbulikeka ukuthi amaSadawana anqobe ngomthetho wegoli lasekuhambeni, njengoba umdlalo wabo uphele zibambene ngegoli elilodwa kuwona womabili amaqembu.

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs emidlalweni emibili oweligi ngesonto elizayo bese Kuna owamanqamu weNedbank cup mhla zili-10 kwephezulu.