KUTUSWE INDIMA EYAKLANYWA YI-LEMBE UKUBUMBA ISIZWE

ZETHU PHOSWA
LIKHULU iqhaza elabanjwa yiLembe ekwakheni ubumbano nokwenza isizwe esinesisekelo senhlonipho.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ngesikhathi ethula inkulumo kuMkhosi weLembe.
“Namuhla asigubhi ukulinyazwa kweLembe kodwa sibungaza ubunye bukaZulu obathungwa yiLembe. Ngalolu suku sikhumbula iLembe nesizukulwane salo okungokhokho bethu,” esho.
Uthi iLembe lenza okukhulu ngokwakha isizwe, ukwakha ulimi lwebele esiwumgogodla wethu.
“Namuhla siyisizwe esiziqhenyayo ngobuzwe bethu. Baqopha imilando eyahlukene nemingcele yezwe. Sibonga ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sihamba ezinyathelweni zeLembe uShaka kaSenzangakhona,” ebeka.
LoMkhosi obuhlelwe uMnyango wezeMidlalo, owezobuCiko namaSiko oholwa nguMnuz Muntomuhle Khawula, ngenhloso yokuqhakambisa okungamafagugu esizwe sakwaZulu.
Lo Nkhosi ugujwa njalo ngenyanga kaMandulo okuyinyanga okwakhothama ngayo iLembe, kanti usuhehe umhlaba wonke njengoba uqhakambisa ubukhosi nokubumbeka kukaZulu okwaholela ekutheni kube neSilo esisodwa KwaZulu-Natal.
