Uncategorised

I-IFP ITHI AYAZI LUTHO NGOKUHOXA KWE-NFP KWI-GPU E-KZN

USIHLALO we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo. ISITHOMBE: KZNIFP

NOMCEBO NGEMA

INKATHA Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal ithi ibingakawutholi umbiko ovela kwi-National Freedom Party (NFP), wokuthi isiyahoxa ukuba ingxenye kahulumeni wobumbano esifundazweni.

Lokhu kushiwo uSihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala, ngesikhathi bebize isithangami sabezindaba emahhovisini alo leli qembu elisedolobheni eThekwini, ngenhloso yokucacisa ngokwenzakalayo kuhulumeni wobumbano KwaZulu-Natal.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli we-NFP uMnuz Irvin Barnes wamemezela ukuthi leli qembu liphumile kuhulumeni wobumbano, kulandela ukungaboni ngaso linye namalunga alo, okwasuka ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga engavotanga nabo ngesikhathi kunomkhankaso wokungabuthembi ubuholi bukaNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli.

“Lengxokozelo ekhona la ngaphandle asiyeseki kodwa uhulumeni oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, unguhulumeni esiwusekelayo ngoba kuningi asekwenzile selokhu aphatha lesi khundla. Sizimisele ukuxoxisana ne-NFP kunoma isiphi isigaba sayo kodwa okubalulekile ukuthi kuhulumeni wesifundazwe sinawo amalunga eNFP siyaxoxa nawo kodwa uma kukhona esinye isigaba okumele singene kusona sizimisele ukukwenza lokho. Selokhu kwathi nhlo i-IFP ayikaze isho ukuthi kuneqembu engeke ixoxe nawo, ngoba ukuxoxa kwenza kube nokuphumelela,” kusho uMniz uGwala.

Uqhube wathi kwalona iqembu le-MKP exokozelayo njengamanje babezivulile izandla, kwaba isikhathi eside bebalindile, kodwa ayikaze izihluphe ngokuthi ize kuhlalwe phansi kuxoxiswane ne-IFP.

“Kubantu baKwaZulu-Natal sithi amaphaphu phansi, uhulumeni wobumbano uyaqhubeka uyasebenza, futhi akukho okubi esikulindele. Ayikho into eke yasekelwa iMKP eSishayamthetho ngaphandle kwemiholo, ngesikhathi kukhushulwa imiholo ngonyaka odlule bavuma ngo-ELETHU ngoba kuyimali eza emaphaketheni abo. Thina silaphana ukuzosebenzela umphakathi, bona bazosebenzela izisu zabo,” kuphetha uSihlalo uMnuz Gwala.