Uncategorised

IKHWELO LOKULWA NE-GBV NOKUGQUGQUZELA IMPILO ENGENAZIIFO

KUHLANGANISWE yokuzivocavoca nokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. IZITHOMBE: KZNDSAC

MALIBONGWE MAZIBUKO.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula uhlabe ikhwelo lokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ngesikhathi kunemidlalo, yokuzivocavoca eMakhashana eJozini.
UMnyango wezeMidlalo , ezobuCiko namaSiko oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, uhlele lo mcimbi wosiko-mpilo lokuvikeleka ezifweni lweHealthy Lifestyle & Arts, ngenhloso yokuqwashisa umphakathi ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nokugqugquzela impilo engenszifo ngokuzivocavoca.
Uthi lokhu ukugqugquzela impilo engenszifo, ukugwema ukuthi abantu baye emtholampilo ngezifo ebebengakwazi ukuzigwema ngokuzivocavoca, ukwenze wakuhlanganisa nokulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, njengoba kuyixinsuku eziyi-16 zalo mkhankaso.
“Wonke umuntu kumele akwenze ukunyakazisa umzimba kube impilo. Sigqugquzela ukuzivocavoca ukuze sinciphise izifo ezenza abantu bagule bagcine behamba izibhedlela, * kubeka uNgqongqoshe uKhawula.
UNgqongqoshe uKhawula ugcizelele ukuthi ukuthi umphakathi wonke abantu kulawa maholidi, abajabule kodwa bavikele abesifazane nezingane.
UMeya Cllr uMnuz Nkosinathi Myeni womkhandlu was eJozini udlulise ukubonga kuNgqongqoshe uKhawula ngokuhamba kule ndawo esemakhaya.
“Ngokubambisana nohulumeni wesiFundazwe nokazwelonke sizobathuthukisa abantu baseJozini,” esho.