INJABULO UMASIPALA WASENKANDLA UKLOMELISA ABAFUNDI NGEZINSIZA KUFUNDA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza ekhuluma nabafundi ebebeklonyeliswa.
NOMCEBO NGEMA
UQOPHE umlando uMasipala waseNkandla ngesikhathi uklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso umatikuletsheni ngemifundaze, abahloli, amasekethe angaphansi kwaloMasipala, othisha, izikole kanye nabafundi abangama-83 obaxhaswe ngemali eyi-R6000 umfundi ngamunye ukuze bakwazi ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Lo Masipala oholwa iMeya uCllr Nonhlanhla Nzuza wenze lo mcimbi izolo e-Indoor Sport Centre, eNkandla.
IMeya Cllr Nzuza ithi lo nyaka owesihlanu wenzeka lo mcimbi, wokuklomelisa abafundi baphinde baxhase abafundi abaphuma emakhaya adonsa kanzima ngomfaniswano njalo uma kuvulwa izikole. “Sizibeke eqhulwini ezemfundo kulomasipala yingakho senza isiqiniseko sokuthi silula isandla ukuze impilo ingabe isafana nayizolo ezinganeni futhi siphinde sibakhuthaze ngokubaluleka kokufunda ngokuzimisela. Imfundo iyisikhali esivula yonke iminyango ingakho sibakhuthaza ukuthi nalapho abaya khona bafike bazimisele futhi basimele kahle. Sizishaya isifuba ngabo, ngoba nakuba singumasipala omncane kodwa siyakwazi ukubhekelela abantu abasha, abancane nokuhambisa intuthuko emphakathiniI,” kusho iMeya.
Ubonge abahloli bamasekethe, othishanhloko bezikole nothisha ngomsebenzi omuhle abawenzayo.
“Lukhulu ushintsho olukhona futhi esilubonayo ngoba iNkandla yagcina kudala ukuthola u50% kwimiphumela kamatikuletsheni, manje sinazo izikole ezithola o-100%, abafundi abaphasa zonke izifundo ngo-100%,” kuphetha iMeya.
Abafundi abaphase ngamalengiso baphinde baklonyeliswa ngezitifiketi, izindondo, ama- tablet nokunye okuningi. Abakwa-Telkom, Vodacom, MTN kanye nabakwa-FNB nabo balule isandla baxhasa abafundi.
