Uncategorised

KUHLABENE OWAKWA-MAPHUMULO NGOBUHOLI NEMIBHALO

UHLONISHWE yiJCI uSabelo Ndimande ngokwenza umehluko emphakathini.

USABELO Ndimande obeke igama lendawo yaKwaMaphumulo ebalazweni.

NOMCEBO NGEMA

UMHOLI osemncane ovela emagqumeni asemakhaya KwaMaphumulo, usezibeke kwibalazwe, kulandela ukuhlonishwa yiJCI South Africa, okuyinhlangano esebenza izwe lonke, ebeqokwe njengomunye wabantu abayishumi abasebancane abavelele (TOYP), esigabeni seHumaritan and Voluntary Leadership, mhla ziyi-18 kuMfumfu, eTshwane.

USabelo Ndimande uhlonishwe ngenxa yokubamba iqhaza ekubeni ngomunye wentsha yaseNingizimu Afrika enikele ngesikhathi sayo, ekwakheni umphakathi ongcono ngaphandle kokubhuka inzuzo.

UNdimande uthi ukuthokozela kakhulu ukuzibona ekwazi ukubeka indawo yangakubo kwibalazwe, kanti le nhlangano imhloniphe
Ngenxa yemagalelo akhe kwezobuholi, intuthuko yomphakathi nomsebenzi wakhe osakhulayo kwezokubhala.
“Ngikholelwa ekwenzeni izinto ezijwayelekile ngendlela engajwayelekile futhi evelele.” Kusho uNdimande.
Le nsizwa esemncane isanda kuhlonishwa nge-Ubuntu Award emiklomelweni i-Alkebulan Immigrants Impact Awards, eSundton ngenyanga edlule.
UNdimande usephinde wazakhela udumo ngencwadi yakhe iSpiritual Detox eyaqokwa kumunxa weBest Manuscript noweBest Interfaith Book emiklomelweni ye-The Book Behind Awards.