Uncategorised

KUGQUGQUZELWA EYOKUZIVOCAVOCA ESIKHALENI

ZETHU PHOSWA

KUGQUGQUZELWE ukuzivocavoca ngesikhathi kugujwa usuku lweRecreation namuhla eSikhaleni ngaphansi koMkhandlu iKing Cetshwayo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kwenziwe umphakathi ophilile.
UNgqongqoshe wezeMidlalo , ezobuCiko namaSiko waKwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi kubalulekile ukwenza usikompilo lokuzivocavoca, okwenza umzimba uhlale uphilile.
“Abantu abaphile ngokuzivocavoca, siyakugqugquzela ukuthi zonke izifunda zibe yingxenye yalokhu kuzivocavoca. Ukufika kweMeya yaseMzimkhulu uNkk Jabulile Mzizi Msiya kukhombise ukuthi ikhwela lizihlabeke kahle nabantu babone ukubaluleka,” esho.
UNgqongqoshe uthe ukuzivocavoca kugwema ukuya emtholampilo ngokungenasidingo.
Kulo mcimbi kuqhudelane izifunda zonke zaKwaZulu-Natal, kwathi ezidle umhlanganiso zathola izindondo.