KUBHEKWE IZITHELO KOWOKULWA NOBUGEBENGU E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA no-AKHONA DLAMINI
KULINDELEKE izithelo ezinhle zokuncipha ubugebengu KwaZulu-Natal, kulandela ukuqokwa kwesigungu KZN Council Against Crime, eholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, esizibophezele ekunciphiseni lonke uhlobo lobugebengu.
Lesi sigungu sethulwa ngokusemthethweni ngonyaka owedlule ngoLwezi (November) ,kwenziwa amasu azolekelela kulo nyaka ngoNhlolanja (February).
UNtuli uveze ukuthi lesi sigungu sihlose ukudingida amasu adidiyelwe okulwa nobugebengu nokwamukela ngokusemthethweni izimo zokusebenza kwaso.
“Isigungu sinothe kakhulu ngezinhlaka ezahlukene okubalwa uhulumeni, abomthetho, izinhlangano zomphakathi nezinkampani ezizimele,” esho.
UNdunankulu uNtuli uthi inhloso ukuthi kwakhiwe iKwaZulu-Natal ephephile. “Ngale mizamo yokubambisana, sizibophezele ekuzuzeni umphakathi ongenabo ubugebengu,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
